Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 11:16 - IsiZulu 2020

16 UJoshuwa walidla lonke lelo lizwe: elezintaba, nayo yonke iNegevu, nalo lonke iGosheni, amathafa, i-Araba, nelezintaba kwa-Israyeli, namathafa alo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UJoshuwa wathatha-ke lonke lelo zwe, izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni, namathafa, ne-Araba, nezintaba zakwa-Israyeli, namathafa akhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UJoshuwa walithatha lonke lelo zwe, izintaba, neningizimu, nalo lonke izwe laseGosheni, nesigodi, nethafa, nezintaba zakwa-Israyeli, nesigodi sayo;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 11:16
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,


Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo.


ngilitshale esicongweni sentaba yakwa-Israyeli; lihlume amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari omuhle; kuhlale phansi kwamagatsha awo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo, zihlale emthunzini wamagatsha awo.


“ ‘ “Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuhluma amagatsha, nithelele abantu bami izithelo, ngokuba sekuseduze ukuba babuye.


phendukani nihambe, niye kwelezintaba kwa-Amori nasezindaweni zonke ezakhelene nakhona e-Araba, kwelezintaba, ezansi, eningizimu, ogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, eLebhanoni, kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula iYufrathe.


UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


UJoshuwa wabanqoba kusukela eKadeshi Bharineya kuze kufike eGaza, nalo lonke iGosheni kuze kufike eGibheyoni.


Njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo noMose wayala uJoshuwa; noJoshuwa wenza kanjalo; akashiyanga nakunye kukho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


nasemakhosini asenyakatho kwelezintaba, nase-Araba eningizimu eKhinerethi, nasemathafeni, nasezintabeni eDori entshonalanga,


Ngaleso sikhathi uJoshuwa wafika wawaqotha ama-Anaki, kusuka kwelezintaba eHebhroni, eDebhiri, e-Anabhi, kulo lonke elezintaba kwaJuda, nakulo lonke elezintaba kwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula wonke nemizi yawo.


elisezintabeni, emathafeni, elise-Araba, elemithambeka, elisehlane, naseNegevu, izwe lamaHithi, elama-Amori, elamaKhanani, elamaPherizi, elamaHivi, nelamaJebusi:


Kwathi ukuba wonke amakhosi ayengaphesheya kweJordani kwelezintaba, nalawo ayesemathafeni agudle ugu loLwande Olukhulu kuya ngaseLebhanoni: amaHithi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi namaJebusi, ezwe ngalokhu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ