Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 10:28 - IsiZulu 2020

28 UJoshuwa wadla iMakheda ngalolo lusuku, walichitha ngenkemba nenkosi yalo, waqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba, wabulala inkosi yalo ngesiqalekiso, bona nabo bonke abantu ababekulo; wenza enkosini yaseMakheda njengalokho enzile enkosini yaseJeriko.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 10:28
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Kepha lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngizibuse, ziletheni lapha, nizibulale ngizibonela ngawami.”


Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


Sayidla yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi, sayibhubhisa yonke imizi eyayinamadoda nabesifazane nezingane, sayiqeda nya; kwangasala muntu.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


nalapho uSimakade uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho ukuba uzinqobe, uyozibhubhisa uziqede nya, awuyukwenza isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo.


USimakade wayinikela nayo nenkosi yayo esandleni sabakwa-Israyeli, wayichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekuyo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.


USimakade wayinikela iLakhishi esandleni sabakwa-Israyeli, balidla ngosuku lwesibili, balichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekulo njengoba babenzile eLibhina.


Balidla ngalolo lusuku, balichitha ngenkemba; nabo bonke abantu ababekulo, njengalokhu babenzile eLakhishi.


Balidla, balichitha ngenkemba, inkosi nayo yonke imizi yalo, nabo bonke abantu ababekulo; akashiyanga namunye, njengalokhu ayenzile e-Egiloni.


walidla nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, balichitha ngenkemba, baqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye; njengalokhu ayenzile eHebhroni, naseDebhiri nakuyo inkosi yalo, naseLibhina nakuyo inkosi yalo.


inkosi yaseLibhina: iyodwa; inkosi yase-Adulamu: iyodwa;


inkosi yaseMakheda: iyodwa; inkosi yaseBhethele: iyodwa;


iGederothi, iBhethi Dagoni, iNahama, iMakheda; isiyonke imizi ili-16 nemizana yayo.


Baphokophelela ukubhubhisa ngenkemba konke okwakulowo muzi, abesilisa nabesifazane, abancane nabadala, izinkomo nezimvu, nezimbongolo.


Uyakwenza e-Ayi nasenkosini yakhona lokho okwenzile eJerikho nasenkosini yakhona; impango yalo kuphela nemfuyo yalo eniyakuzithathela khona. Gwacani ngemuva komuzi.”


Kepha izakhamuzi zaseGibheyoni lapho zizwa ngalokho uJoshuwa ayekwenze kulo iJerikho ne-Ayi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ