Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 10:27 - IsiZulu 2020

27 Ekushoneni kwelanga uJoshuwa wayala, base beyawehlisa emithini, bawaphonsa emgedeni lapho ayekade ecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womgede; asekhona nanamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga uJoshuwa wayala, bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga, uJoshuwa wayala, futhi bayithatha emithini bayiphonsa emhumeni ababecashe kuwo, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume. Esekhona kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 10:27
5 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.


UJoshuwa wamisa amanye amatshe ali-12 phakathi nomfula iJordani, endaweni lapho izinyawo zabaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano zazimi khona. Asekhona lapho kuze kube namuhla.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe, esekhona nanamuhla. USimakade wayesephenduka olakeni lwakhe oluvuthayo. Ngakho-ke igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi i-Akhori.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ