Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 1:17 - IsiZulu 2020

17 Njengoba samlalela uMose ezintweni zonke, nawe siyakukuhlonipha. Kuphela nje, sengathi uSimakade uNkulunkulu wakho angaba nawe njengalokhu ayenoMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Njengalokho samlalela kukho konke, kanjalo siyakulalela wena; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho, makabe kuwe njengalokho wayenoMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Njengalokho samlalela uMose kukho konke, kanjalo siyakulalela nawe; kuphela uJehova uNkulunkulu wakho makabe nani, njengalokho ayenoMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 1:17
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ukuba ilalele okuhle nokubi; uSimakade uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Njengalokhu uSimakade ubenayo inkosi yami, inkosi, sengathi angaba naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.”


UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade.


USimakade makakuphendule ngosuku lwenhlupheko. Igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.


Makakuphe okufiswa yinhliziyo yakho, afeze zonke izinhloso zakho.


Sindisa, Simakade! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.


USimakade wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa, indodana kaNuni, umuntu onoMoya wami, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


Uyobeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuze yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli imhloniphe.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zazimemeza zithi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiswe ozayo egameni leNkosi. Hosana kweliphezulu!”


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Bamphendula uJoshuwa bathi: “Konke lokho osiyale ngakho sizokwenza, futhi noma kuphi lapho usithuma khona siyakuya.


Noma ngubani omelana neziyalo zakho, angawahloniphi amazwi akho, lokho oyala ngakho, uyakuyiswa kwagoqanyawo. Wena nje qina ume isibindi.”


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


Ngalolo lusuku uSimakade wamphakamisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abantu bakwa-Israyeli; bamesaba njengoba babesaba uMose izinsuku zonke zokuphila kwakhe.


UDavide wathi: “USimakade owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhele, uzakungisindisa nasesandleni salo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uSimakade uzokuba nawe.”


USimakade makenze kanjalo kuJonathani, kuphindwe futhi uma ubaba ehlose ukukwenza okubi ngingakwazisi lokho, bese ngikuvumela ubaleke ukuze uphephe. USimakade makabe nawe, njengalokhu ayenobaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ