Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJona 4:8 - IsiZulu 2020

8 Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi ekuphumeni kwelanga, uNkulunkulu walungisa umoya wasempumalanga onamandla; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waquleka, wafuna ukufa phakathi kwakhe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJona 4:8
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa eziyiminconco, zizacile, futhi zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.


Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”


U-Ahabi waya esigodlweni sakhe ehluneme futhi ethukuthele ngenxa yezwi uNabothi waseJizreyeli ayelikhulume kuye, lokuthi: “Angiyukukunika ifa lokhokho bami.” Walala embhedeni, wabheka eceleni, akaze adla lutho.


Kepha uJobe wathi kuye: “Ukhulumisa okowesifazane oyisiwula. Siyakwamukela okuhle kuphela yini kuNkulunkulu, asiyukwamukela yini nokubi na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


ukuze umphefumulo wami uqoke ukuklinywa nokufa kunokuba ngibe kulo mzimba.


Ilanga aliyukukushaya emini, nenyanga ebusuku.


Ngithule, angiwuvuli umlomo wami, ngokuba nguwe okwenzile lokho.


Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.


Ningabuki ukuthi ngimnyama, ngifuswe yilanga. Amadodana esizalwa mfazi munye nawo, angithukuthelele, angenza umlindizivini, ngangabe ngisasilinda esami.


Abayukulamba, abayukoma, abayukushaywa yisifudumezi selanga, ngokuba Yena onozwelo kubo uyakubahola abayise emithonjeni yamanzi.


Kepha wasishulwa ngolaka, wathelwa othulini, umoya wasempumalanga womisa isithelo sawo; isiqu sawo esiqinileyo, sabuna, saqothulwa ngumlilo.


“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


USimakade wathumela inhlanzi enkulu ukuba igwinye uJona. UJona wayesesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu, nobusuku obuthathu.


Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.


Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”


zathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora elilodwa nje, kodwa ubaholela njengathi esithwale ubunzima nesifudumezi semini.’


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


Kabasalambi, kabasomi, kabasashiswa yilanga, nanoma ngabe luhlobo luni lokushisa,


USamuweli wamtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “UnguSimakade; makenze okuhle emehlweni akhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ