Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJona 1:14 - IsiZulu 2020

14 Amatilosi akhuleka kuSimakade, athi: “Ungasibhubhisi Simakade, ngenxa yale ndoda. Ungasisoli ngokuthi sibulele umuntu ongenacala; siyazi ukuthi Wena unguSimakade, wenza njengokuthanda kwakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ayesekhala kuJehova, athi: “Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala, ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Base bebiza uJehova, bathi: “Siyakuncenga, Jehova, ukuba ungabhubhi ngenxa yokuphila kwalo muntu, ungachithi igazi elingenacala phezu kwethu; ngoba wena Jehova wenzile okuhle emehlweni akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJona 1:14
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


Amatilosi azama ukugwedlela ogwini lolwandle kepha awaphumelelanga; isiphepho samelana nawo, ulwandle lwadlanga kakhulu.


Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.


Amatilosi esaba, kwayilelo nalelo lakhala kunkulunkulu walo. Ayesephonsa olwandle impahla eyayisemkhunjini, ukuze umkhumbi ube lula. UJona wayesehlele egumbini lomkhumbi elingaphansi maphakathi nendawo, elele zwi.


kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe.


Yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.


Lapho abantu bendawo bebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Impela lo muntu ungumbulali, kuthi noma esesinde olwandle, kodwa ukuLunga kungavumi ukuba aphile.”


kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe,


esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe,


Simakade, thethelela abantu bakho, u-Israyeli, obahlengileyo. Susa igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho, u-Israyeli,’ ngakho bayothethelelwa icala legazi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ