Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 7:7 - IsiZulu 2020

7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami alisayikubona okuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 7:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyise uJakobe wayesethi kubo: “Niyangephuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni akasekho, manje senifuna ukuthatha noBhenjamini; konke lokhu kungaphezu kwamandla ami.”


Khumbula owakusho kuMose lapho uthi: ‘Uma ningihlubuka ngizonihlakazela phakathi kwezizwe,


Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,


Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?


Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.


“Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi, ziyabaleka zingakubonanga okuhle.


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho, khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.


Wakhumbula ukuthi bangabantu nje, bangumoya owedlulayo ongenakubuya.


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize.


Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho, nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,


Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.


Kepha anilazi ikusasa ukuthi liniphatheleni nokuthi impilo yenu iyakuba yini na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana bese iyanyamalala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ