Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 37:5 - IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu uduma ngokumangalisayo ngezwi lakhe; wenza izinto ezinkulu esingenakuziqonda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; izinto ezinkulu azenzayo esingenakuziqonda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 37:5
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ungayithola yini imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungawuthola yini umkhawulo kaSomandla na?


Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”


Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi, ubungako beminyaka yakhe abunakuphenywa.


“Beka indlebe kulokhu, Jobe, uthule du, uzindle ngezimangaliso zikaNkulunkulu.


Uyazi yini ukuthi amafu endlaleke kanjani, umsebenzi omangalisayo walowo Ophelele olwazini,


Lalelani, nizwe ukuduma kwezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.


Emveni kwalokho izwi lakhe liyaduma, uyaduma ngezwi lakhe lobukhosi, akalunqandi unyazi uma kuzwakala izwi lakhe.


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.


Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.


Izwi likaSimakade liphezu kwamanzi, uNkulunkulu wenkazimulo uyaduma; uSimakade uphezu kwamanzi amaningi.


Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.


Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ