Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 31:9 - IsiZulu 2020

9 “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngacutha emnyango womakhelwane wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uma inhliziyo yami ikhohlisiwe ngowesifazane, noma ngilindile ngasemnyango womakhelwane wami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 31:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuthe esemdala uSolomoni, bayiphambukisa omkakhe inhliziyo yakhe walandela abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe ayibange isanamathela kuSimakade uNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kayise uDavide.


USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, akonanga yini ngenxa yabesifazane na? Phakathi kwezizwe eziningi, ayikho inkosi eyayifana naye. Nanxa uNkulunkulu ayemthanda waze wambeka inkosi ka-Israyeli, wadukiswa ngamakhosikazi akhe abezizwe.


“Ngenza isivumelwano namehlo ami, ngingayibuka kanjani intombi ngokukhanuka na?


Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; oqalekiswe nguSimakade, uyakuwela kuwo.


Ungabukhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.


Umuntu angawubeka yini umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi na?


Uyiphambukisa ngamazwi akhe amaningi ahehayo; uyiyenga ngokuthopha kwezindebe zakhe.


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


Bafana namahhashi akhulupheleyo andindayo; yilowo nalowo ukhanuka umfazi kamakhelwane wakhe.


Bonke bayiziphingi, banjengeziko elibaswe ngumbhaki, oyekela ukukhwezela kusukela ekuxoveni inhlama ize ikhukhumale.


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.


“ ‘Ungamfisi umfazi womakhelwane wakho; ungayifisi indlu yomakhelwane wakho, insimu yakhe, inceku yakhe, incekukazi yakhe, inkabi yakhe, imbongolo yakhe, nokunye kukamakhelwane wakho.’


Amakhosi amaFilisti akhuphukela kuye, athi: “Yenga uSamsoni, uthole ukuthi yini amandla akhe emakhulu kangaka, nokuthi singamehlula kanjani ukuze simbophe, simnqobe; siyakukunika ngamunye izinhlamvu zesiliva eziyi-1 100.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ