Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 31:7 - IsiZulu 2020

7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, nenhliziyo yami yahuhwa ngamehlo ami, uma kunamathele isisihla esandleni sami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma izinyathelo zami zachezuka endleleni, nenhliziyo yami ilandela amehlo ami, noma ibala linamathele ezandleni zami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 31:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nakuba kungekho budlova ezandleni zami, nokukhuleka kwami kulungile.


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.


Makube kude nami ukuba nginivumele ukuthi nilungile, angiyukusuka ebuqothweni bami, ngize ngife.


Ngibambelele ekulungeni kwami, angisoze ngakuyeka, inhliziyo yami ayizenyezi nangolulodwa lwemihla yami.


Noma ngingageza ngamanzi eqhwa, ngihlanze izandla zami ngensipho,


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


uma ngiphindise ngokubi kohlalisene ngokuthula nami, ngaphanga isitha sami ngaphandle kwesizathu,


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi,


“Ndodana yomuntu, lawa madoda azifake ezinhliziyweni izithombe zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kwawo. Imbala ngingawavumela yini nempela ukuba azobuza kimi na?


“ ‘ “Ngokuba yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozehlukanisa nami, afake izithombe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kwakhe, bese eya kumphrofethi ukuba abuze ngami, Mina Simakade, ngiyakumphendula mathupha.


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga.


Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ