Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 27:20 - IsiZulu 2020

20 Uvalo luyakumgabha njengesikhukhula, ebusuku, isishingishane simphephule.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ingebhe iyamehlela njengamanzi; isivunguvungu siyamphephula ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ingebhe iyambamba njengamanzi, isiphepho siyamumuka ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 27:20
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngalobo busuku, kwaphuma ingelosi kaSimakade, yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000; sebevuka ekuseni, bheka, kwakuyizidumbu zodwa.


Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi.


Ingebhe iyasethusa nxazonke, isezithendeni zaso.


UNkulunkulu uyakugcwalisa isisu sakhe ngezinhlupheko, anise ukuvutha kwentukuthelo yakhe phezu kwakhe.


Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa, axoshwe njengombono wasebusuku.


Zifana nezibi phambi komoya, namakhoba epheshulwa yisiphepho.


Yizo ezahlwithwa kungakabi yisikhathi, ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,


“Banejubane ebusweni bamanzi, izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni, abasayukuphendukela endleleni yezivini.


Bayafa ngokuphazima kweso, phakathi kwamabili abantu bayathuthumela, banyamalale, amaqhawe ayasuswa, kepha hhayi ngesandla somuntu.


Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha.


Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.


Ubuso babo ubuthele ngehlazo, baze bafune igama lakho, Simakade.


Ubakhukhula njengesikhukhula; banjengobuthongo, nanjengotshani obuhluma ekuseni.


Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.


Ngalobo busuku uBhelishazari inkosi yamaKhaledi wabulawa.


Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ