Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 27:14 - IsiZulu 2020

14 Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; nabozalo lwakhe abayukusutha ngukudla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba; inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uma abantwana bakhe banda, kungenxa yenkemba, nenzalo yakhe ayiyikusutha isinkwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 27:14
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.


Akethembi ukuthi uyobuya ebumnyameni, ulindelwe yinkemba.


Asiyukuba nabantwana noma abazukulu phakathi kwabakubo, noyosinda lapho sasihlala khona.


Abantwana bakhe bayonxephezela abampofu, izandla zabo ziwubuyisele kubo umcebo wakhe.


Ibhubesi elinamandla liyafa ngenxa yokweswela impango, amawundlu ebhubesi ayahlakazeka.


Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze, bacele bekude nezindawo zabo eseziyincithakalo.


Abozalo lwakhe mababhujiswe, lesulwe igama labo esizukulwaneni esisazolandela.


Ngokuba izinsuku ziyeza abayakuthi ngazo: ‘Zibusisiwe izinyumba nezibeletho ezingazalanga, namabele angancelisanga.’


Amadodana akho namadodakazi akho ayakunikwa ezinye izizwe, ubuka ngamehlo akho, uyofisa ukuwasiza usuku lonke, kodwa isandla sakho singabi namandla okwenza utho.


Uyakuzala amadodana namadodakazi, kodwa awayukuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.


Abebesuthi sebeyaziqashisa ukuze bathole ukudla; abebelambile sebeyekile ukulamba. Yebo, obeyinyumba uzele abayisikhombisa; onabantwana abaningi uyancunzeka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ