Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 22:26 - IsiZulu 2020

26 Ngalokho uyothokoza ngoSomandla, ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 ngokuba lapho uyakuthokoza ngoSomandla, uphakamisele kuNkulunkulu ubuso bakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngokuba lapho uyakuphakamisela injabulo yakho kuSomandla nobuso bakho kuNkulunkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 22:26
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uyokuma uqine, ungenakwesaba.


Ukuphila kwakho kuyokhanya kunemini; nobumnyama buyofana nokusa nje.


uSomandla uyakuba yigolide lakho nesiliva elikhazimulayo kuwe.


Uyakuthokoza yini ngoSomandla, ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke na?


khona uyakukhuleka kuNkulunkulu, Yena amamukele, eze kuye ngentokozo, uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.


Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu ukuba azane noNkulunkulu.’


khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.


Mangizwe ububele bakho ekuseni, ngokuba ngethembela kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba umphefumulo wami ngiwuphakamisela kuwe.


Simakade, ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.


zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho.


Thokozisa umphefumulo wenceku yakho, ngokuba kuWena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.


Njengesihlahla samahhabhula phakathi kwezihlahla ehlathini, unjalo othandiweyo wami phakathi kwezinsizwa. Emthunzini wakhe, ngahlala phansi ngokwenama, isithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.


khona uyakuzijabulisa kuSimakade, ngiyokukhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba udle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


nokho ngiyawuthanda umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi.


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ