Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 21:18 - IsiZulu 2020

18 Zifana nezibi phambi komoya, namakhoba epheshulwa yisiphepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Babeyakuba njengezibi phambi komoya, nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Banjengezinhlanga phambi komoya nanjengamakhoba amuka nesiphepho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 21:18
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uzokwethusa iqabunga eliphephukayo, uxoshe inkunkuma eyomileyo na?


Yizo ezahlwithwa kungakabi yisikhathi, ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,


Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu, umphephule asuke endaweni yakhe.


Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya.


Mababe njengamakhoba epheshulwa ngumoya; ingelosi kaSimakade ibadudule.


Nkulunkulu wami, benze bafane nothuli lwesikhwishikazana, bafane namakhoba emoyeni.


Njengomlilo oshisa ihlathi, njengelangabi elithungela izintaba,


Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.


Lapho kwedlula isivunguvungu omubi usuke engasabonwa, kanti olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.


Izizwe zihlokomisa okwamanzi amaningi, kodwa uyakuzijezisa, zibalekele kude, zixoshwe njengamakhoba epheshulwa ngumoya ezintabeni, nanjengothuli lupheshulwa yisiphepho.


Kodwa isixuku sezitha zakho siyofana nebhuqu elicolisekileyo, noquqaba lwabacindezeli lube njengamakhoba aphephukayo, kwenzeke ngokuphazima kweso.


Bathi besanda kutshalwa nje, beqeda nje ukuhlwanyelwa, nesiqu sabo singakagxiliswa izimpande emhlabathini, wabaphephetha, babuna, isivunguvungu sabasusa njengamabibi.


Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


“Ngakho-ke ngiyakubasakaza njengamakhoba epheshulwa ngumoya wasehlane.


Ngakho-ke bayakuba njengofasimba, bafane namazolo asekuseni eshabalala, nanjengamakhoba epheshulwa ngumoya esibuyeni nentuntu ephuma ngoshimula.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


Uyama, azamazamise umhlaba; uyabuka, athuthumelise izizwe; izintaba zakudala ziyabhidlizwa, namagquma asemandulo ayakhothama, yizindlela zakhe zaphakade.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, ngesiliva, ngamatshe enani eliphezulu, ngezingodo, ngotshani nangezinhlanga,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ