Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 2:11 - IsiZulu 2020

11 Kwathi ukuba abangani abathathu bakaJobe bezwe ngakho konke okubi okwakumehlele, bafika njengokuvumelana kwabo ukuzomkhalela nokumduduza, yilowo nalowo esuka endaweni yakhe: u-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kwathi abangane bakaJobe abathathu bezwa ngakho konke lokhu okubi okumehleleyo, bafika, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe; uElifazi umThemani, noBhilidadi umShuhi, noSofari umNahama; ngoba benza isivumelwano sokudabuka kanye lokumduduza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 2:11
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yamzalela uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, u-Ishibhaki, noShuwa.


Amadodana ka-Elifazi kwakunguThemane, u-Omari, uZefo, uGathamu noKhenazi.


Nazi izikhulu ezavela emadodaneni ka-Esawu: amadodana ka-Elifazi, izibulo lika-Esawu, kwakunguThemani, u-Omari, uZefo, uKhenazi,


Wakhothama uJobhabhu, ubukhosi bathathwa uHushama waseThemane.


Onke amadodana namadodakazi akhe, afika ukuzomduduza, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Wathi: “Ngiyoze ngiye kwelabafileyo ngisayililela indodana yami.” Waqhubeka nokuyililela indodana yakhe.


Amadodana kaKhethura, isancinza sika-Abhrahama: uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, u-Ishibhaki, uShuwa. Amadodana kaJokishani: uSheba noDedani.


UJobhabhi wakhothama; uHushamu wakwaThemani wabusa esikhundleni sakhe.


U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza bamduduza.


Kepha nina ningababheci ngamanga, nonke niyizinyanga ezingathi shu.


Kwase kuthatha u-Elifazi, umThemani, wathi:


“Ngizizwile izinto eziningi ezinjengalezi, nonke ningabaduduzi ababi.


Abangani bami bayangiklolodela, iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu,


Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.


Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangani bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singishayile.


Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.


Emveni kokuba uSimakade esekhulume lawo mazwi kuJobe, uSimakade wathi ku-Elifazi, umThemani: “Ngithukuthelele wena nabangani bakho ababili, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami, uJobe.


U-Elifazi umThemani, uBhilidadi umShuhi, noZofari umNahama, bahamba benza njengokusho kukaSimakade kubo. USimakade wawemukela umkhuleko kaJobe.


“Ogodlela umngani wakhe odangele umusa, ulahla ukwesaba uSomandla.


Izindwendwe zabahwebi bakwaThema zabafuna, nemiqobo yezihambi zakwaShebha zibheke ngethemba.


Wayesethatha uBhilidadi, umShuhi, wathi:


Umngani uyathanda ngezikhathi zonke, kodwa umfowenu wazalelwa ukukuthwalisa ngezikhathi zobunzima.


Umuntu wabangani uzilimaza yena, kodwa umngani weqiniso uyanamathela ukwedlula izelamani.


Ungamlahli umngani wakho noma okayihlo; ungabalekeli endlini yomfowenu ngosuku lwenhlekelele. Ungcono umakhelwane oseduze kunesihlobo esihlala kude.


Lezi zinto ezimbili zikwehlele; ngubani onozwelo kuwe na? Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa, indlala nenkemba, ngubani oyakukududuza na?


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


Amaqhawe akho, Themani, ayakuthuthumela, ukuze kube yilowo nalowo abulawe ngokunqunywa entabeni yakwa-Esawu.


Iningi labaJuda lalifikile ukuzoduduza uMartha noMariya ngomnewabo.


Uma kuhlupheka isitho esisodwa, zonke izitho zihlupheka kanye naso. Uma kuhlonishwa esisodwa, zonke zijabula kanye naso.


Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni.


iGederothi, iBhethi Dagoni, iNahama, iMakheda; isiyonke imizi ili-16 nemizana yayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ