Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 19:7 - IsiZulu 2020

7 Noma ngikhalile ngathi: ‘Indluzula!’ kepha angiphendulwanga, ngicele ukusizwa, kodwa abukho ubulungiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’ Kepha angiphendulwa; ngicela ukusizwa, kodwa akukho ukwahlulelwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bheka, ngiyakhala ngokungabi nabulungisa, kepha kangizwakali; Ngimemeza kakhulu, kodwa akukho ukwahlulela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 19:7
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, uphumelelise icebo lezikhohlakali na?


ukuze abeke udaba lomuntu kuNkulunkulu, njengomuntu ekhulumela umngani wakhe.


Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu, namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.


“Ngikhala kuwe, kodwa awungiphenduli, ngimi lapha, kepha awunginaki.


“Impela umuntu akayukumfulathela owentulayo lapho esekuhluphekeni, ekhala ecela usizo.


Sengize ngaba mnyama, kodwa ngingashiswa langa, ngimi ebandleni, ngikhala ngicela usizo.


Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile, kodwa uNkulunkulu ungephuce ilungelo lami.


Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?


Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali, uyabumboza ubuso babehluleli bawo, uma kungesiye, pho ngubani na?


Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.


Nkulunkulu wami, ngikhala emini, kepha awuphenduli, nasebusuku, ngingabi nakuthula.


Kepha Wena ungoNgcwele, uhlezi ezibongweni zika-Israyeli.


Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala, ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa; impela izwi likaNkulunkulu seliphenduke ihlazo kimi, nenhlekisa usuku lonke.


Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ