Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 11:8 - IsiZulu 2020

8 Kuphakeme kunezulu, ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo, ungazini ngakho na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kuphakeme njengezulu – ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kuphakeme njengesibhakabhaka; yini ongayenza ujule kunesihogo; yini ongakwazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 11:8
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngabe uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Izulu namazulu amazulu angekwanele; pho kakhulu kangakanani le ndlu engiyakhileyo na?


Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle.


“UNkulunkulu akekho yini phezulu ezulwini na? Bheka, izinkanyezi eziphakemeyo ukuthi ziphakeme kangakanani.


Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, asikho isembozo sendawo yokubhubha.


Bheka ezulwini, ubone, uqaphele ukuthi amafu angaphezu kwakho.


USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.


Sewake wawakhonjiswa yini amasango okufa, wabona amasango ethunzi lokufa na?


Njengokuba ifu linyamalala lingabe lisaba bikho, unjalo-ke owehlele endaweni yabafileyo, akasayukukhuphuka.


Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.


Manidumise igama likaSimakade, ngokuba ngelakhe lodwa igama eliphakemeyo, inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo.


Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?


“Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


Noma bangagubha endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona lapho, noma bangakhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona lapho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ