Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 11:15 - IsiZulu 2020

15 impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uyokuma uqine, ungenakwesaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uqine, ungesabi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngoba ngalesosikhathi uzaphakamisa ubuso bakho bungelasici; yebo, kufanele niqine futhi ningesabi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 11:15
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”


Uma ngenzile okubi, maye kimi! Uma bengilungile, bengingayukuliphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ihlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


Ngalokho uyothokoza ngoSomandla, ubuso bakho ubuphakamisele kuNkulunkulu.


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Ekumesabeni uSimakade kunethemba elinamandla; lokho kubantwana bakhe kuyakuba yisiphephelo.


Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.


Namanje bantwanyana, hlalani kuye ukuze kuthi nxa ebonakala, sibe nesibindi, singabi namahloni phambi kwakhe lapho efika.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ