Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 9:23 - IsiZulu 2020

23 Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 9:23
54 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Maningasho ukuthi: ‘Sikutholile ukuhlakanipha, uNkulunkulu angamehlula, hhayi umuntu.’


Umhlane wayo uyizinhla zezihlangu, zinamatheliswe njengophawu.


Uthanda ukulunga nobulungiswa, umhlaba ugcwele umusa kaSimakade.


Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe.


Nokho usilahlile, wasijabhisa, futhi awusaphumi nezimpi zethu.


Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.


Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda.


Kwazi bani ukuthi uzokuba yisihlakaniphi noma yisiwula na? Nokho nguyena ozokwengamela wonke umshikashika wami, asebenzise nokuhlakanipha kwami phansi komthunzi welanga. Nalokho kuyize.


Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke.


Ngokuba azishaya isifuba, ethi: ‘Ngabe bonke abakhuzi bempi bami abasiwo amakhosi na?


Bayophela amandla, babe namahloni ngeKhushe, ithemba labo, nangeGibhithe abazigabisa ngalo.


Ubuzizwa uvikelekile ebubini bakho, waze wathi: ‘Akekho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, yimi kuphela, akekho omunye.’


Maye kulabo abazibona behlakaniphile, nabazibona benokuqonda!


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


“Ningasho kanjani, nithi: ‘Singamaqhawe namabutho anamandla okulwa na?’


Ngokuba ngenxa yokwethembela emisebenzini nasengcebeni yakho, nawe uyakubanjwa, uKhemoshi aye ekuthunjweni; abaphristi bakhe nezikhulu zakhe, kanyekanye.


Uzigqajelani ngezigodi, ngesigodi sakho esivundileyo, wena ndodakazi ehlubukayo, othembele engcebeni yakho, uthi: ‘Ngubani ongangihlasela na?’


IGibhithe lizoba yincithakalo nehlane, bazokwazi ukuthi nginguSimakade, ngokuba wathi: “INayili ingeyami, ngiyenze mina.”


Isiliva labo bayoliphonsa emigwaqweni, igolide labo libe yinto engcolileyo. Isiliva negolide labo akuyukubasindisa ngosuku lwentukuthelo kaSimakade. Iphango labo abayukulisuthisa, nezibilini zabo abayukuzigcwalisa, ngokuba ububi babo sebuphenduke isikhubekiso sabo.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Wena muntu, uSimakade ukutshelile ukuthi kuyini okuhle, nokuthi uSimakade ufunani kuwe, ukuthi wenze ubulungiswa, uthande ukwethembeka, uhambe ngokuthobeka kanye noNkulunkulu wakho.


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu.


Bezitshela ukuthi bahlakaniphile, baba yiziwula,


ukuba kube njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Ozibongayo makazibonge eNkosini.”


Uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kungizuzele yonke le mfuyo.’


ukuze ngimazi Yena, namandla okuvuka kwakhe, ngibe nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze nangokufa kwakhe,


Yebo impela, ngikushaya indiva ngenxa yobukhulu bokumazi uKhristu uJesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi ukuze ngizuze uKhristu,


ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yabo bonke ububi. Abanye ngokuyifisa kwabo bahlubuka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


UmFilisti wabuka, wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ