Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 8:12 - IsiZulu 2020

12 Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 8:12
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngakusasa indodakazi endala yathi kwencane: “Ngilalile nobaba izolo. Asimphuzise iwayini nanamhlanje bese wena ungena ulale naye, siphembe uzalo ngaye.”


We siqhwaga, uziqhayiselani ngokubi na? Umusa kaNkulunkulu umi njalo.


“Bheka, nasi isiqhwaga esingazange simenze uNkulunkulu abe yinqaba yaso, kodwa sethembela ebuningini bomcebo waso, sabambelela kakhulu ebubini baso.”


Njengoba kuyakuba njalo kubantu, kuyakuba njalo nakubaphristi; njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni, kuyakuba njalo nakumniniso; njengoba kunjalo encekukazini, kuyakuba njalo nasenkosikazini; njengoba kunjalo kumthengi, kuyakuba njalo nakumthengisi; njengoba kunjalo kobolekisayo, kuyakuba njalo nakobolekayo; njengoba kunjalo kokweletisayo, kuyakuba njalo nakokweletayo.


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngabaphrofethi abaphrofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyukuba bikho nkemba nandlala kuleli lizwe,’ bazokufa ngenkemba, nangendlala laba baphrofethi.


“Ngakho-ke indlela yabo iyakuba bushelelezi kubo; bayakududulelwa ebumnyameni, bawe kubo; ngiyobehlisela inhlekelele ngonyaka engiyobajezisa ngawo,” kusho uSimakade.


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami, engikubeke phambi kwenu naphambi kokhokho benu.


Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.


Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”


Wabambula ubufebe bakhe, nobunqunu bakhe. Ngazehlukanisa naye njengoba ngangimlaxazile nodadewabo.


U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa, ngikumemezele lokho okuqinisekileyo phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli.


USimakade ulungile kuwo, akakwenzi okungalungile. Njalo ekuseni ukhipha isehlulelo sakhe ekukhanyeni, akehluleki, kepha abangalungile abalazi ihlazo.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ