UJeremiya 8:12 - IsiZulu 202012 Kabanamahloni ngezinengiso abazenzileyo, kabanamahloni nakancane; abakhophozi, kabazi, ngakho-ke bayakuwela phakathi kwalabo asebewile; ngesikhathi sokujeziswa kwabo bayakukhubeka, kusho uSimakade. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE12 Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202412 Baba namahloni ngokwenza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo bayakuwa, usho uJehova. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Njengoba kuyakuba njalo kubantu, kuyakuba njalo nakubaphristi; njengoba kuyakuba njalo nasesigqileni, kuyakuba njalo nakumniniso; njengoba kunjalo encekukazini, kuyakuba njalo nasenkosikazini; njengoba kunjalo kumthengi, kuyakuba njalo nakumthengisi; njengoba kunjalo kobolekisayo, kuyakuba njalo nakobolekayo; njengoba kunjalo kokweletisayo, kuyakuba njalo nakokweletayo.