Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:9 - IsiZulu 2020

9 “ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nizokweba, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishunqise umusi kuBali, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:9
46 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Kuyoze kube nini ninqikaza phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uSimakade enguNkulunkulu, mlandeleni Yena, kodwa uma kunguBhali, landelani yena.” Kepha abantu kabamphendulanga ngazwi.


Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.


Khawulani ukungilethela iminikelo engasho lutho; impepho iyisinengiso kimi. Imikhosi yenu yokwethwasa kwenyanga namasabatha, nokubiza imihlangano; anginakuyibekezelela imihlangano yenu emibi.


Nokho bayangifuna nsuku zonke, bayakuthokozela ukwazi izindlela zami, ngokungathi bayisizwe esenza ukulunga, esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso. Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo, bayakuthokozela ukusondela kukaNkulukulu.


Ngiyakubagweba ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.


Ngokuba ngangobuningi bemizi yenu, bangako onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wemigwaqo eJerusalema, angako ama-althare eniwamisele le nto enengekayo, ama-althare enishisela kuwo uBhali impepho.’


“USimakade Wamabandla owakutshala ukhulume okubi ngawe, ngenxa yobubi obenziwe yindlu ka-Israyeli nendlu yakwaJuda, bachukuluza ulaka lwami ngokushisela uBhali impepho.”


Laba bantu ababi bayenqaba ukulalela amazwi ami, bahamba ngobulukhuni benhliziyo yabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, nokuba bakhuleke kubo, bazofana nale ndwangu yasokhalo, engasenamsebenzi walutho.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


AmaKhaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele ngomlilo, awushise nalezo zindlu ababeshisela uBhali impepho phezu kophahla lwazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo ukuba bangicunule.


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Niluchukuluzeleni ulaka lwami ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho eGibhithe, lapho niye ukuba niyogogobala na? Nizibhubhisa nina, ukuze nibe yisiqalekiso nehlazo ezizweni zonke zomhlaba.


Senizikhohliwe yini izenzo ezimbi zokhokho benu, ezamakhosi akwaJuda, nezamakhosikazi awo; izenzo zenu ezimbi nezamakhosikazi enu enazenzayo ezweni lakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na?


Ngiyakumqeda nya uMowabi, lowo onikela ezindaweni eziphakemeyo, ashisele impepho onkulunkulu bakhe,” kusho uSimakade.


Noma bangathi: ‘Sifunga phambi kukaSimakade,’ nokho bafunga amanga.”


“Kepha ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabondla basutha, kodwa baphinga, babuthana endlini yesifebe.


ningacindezeli umfokazi, intandane nomfelokazi, ningachithi gazi elingenacala kule ndawo, futhi ningabalandeli abanye onkulunkulu, funa nilimale,


Uyise, ngokuba yena waba yiqola, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungalungile phakathi kwabantu bakubo; uyakufa ngenxa yokona kwakhe.


“Ngakho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Niyakuzingcolisa yini nani ngendlela okhokho benu abaziphatha ngayo, nilandele ekuphingeni kwabo okunyanyekayo na?


Kwathi ngalolo lusuku benzela izithombe zabo umhlatshelo ngabantwana babo, base beya endlini yami engcwele ukuba bayingcolise. Uyabona, benza kanjalo-ke endlini yami.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.


Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


Njengeqembu labaphangi lilalele umuntu unyendle, kanjalo neqembu labaphristi liyabulala endleleni eya eShekhemu, impela benza inkohlakalo.


Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.


nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha siyazi ukuthi ukwehlulela kukaNkulunkulu kungokweqiniso kulabo abenza izinto ezinjalo.


“Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu, nonkulunkulu abangazange babazi, onkulunkulu abasha, abasanda kuhlangabezana nabo, nababengaziwa ngokhokho babo.


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ