UJeremiya 7:18 - IsiZulu 202018 Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE18 Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202418 Abantwana batheza izinkuni, oyise babasa umlilo, abesifazane baxova inhlama ukwenzela indlovukazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa, ukuze bangicunule. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nina nomkenu, nikhulume ngemilomo yenu, nakufeza ngezandla zenu, nithi: ‘Nakanjani, siyakuzifeza izithembiso zethu esizenzile, zokuba sishisele indlovukazi yezulu impepho, nokuyithululela iminikelo yokuphuzwayo.’ Qhubekani nezifungo zenu, nikwenze ngokweqiniso lokho enikwethembisile.
ngesikhathi sengibangenise ezweni engangifungile ukuthi ngiyobanika lona. Kwathi lapho bebona amagquma aphakemeyo nazo zonke izihlahla ezinamacembe, base benikela lapho ngemihlatshelo yabo, bangichukuluza ngeminikelo yabo, benza lapho kwaba nephunga elimnandi, bathululela lapho iminikelo yokuphuzwayo.