Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:10 - IsiZulu 2020

10 Niyofika yini nime phambi kwami, kule ndlu ebizwa ngeGama lami, nithi: “Sihlengiwe,” ukuze nenze zonke lezi zinengiso na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami, nithi: “Sophuliwe” – nize nenze zonke lezi zinengiso, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Nize nime phambi kwami kule ndlu ebizwa ngegama lami, nithi: ‘Sinikelwe ukwenza zonke lezi zinengiso na?’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:10
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayethe ngayo: “EJerusalema, ngizobeka khona igama lami.”


Wakha ama-althare endlini kaSimakade, uSimakade ayekhulumile ngayo, wathi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.”


Wabeka umfanekiso wesithombe esibaziweyo ayewenzile endlini kaNkulunkulu, uNkulunkulu ayethe ngayo kuDavide nakuSolomoni, indodana yakhe: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethe phakathi kwezizwe zonke zakwa-Israyeli, ngiyakubeka iGama lami kuze kube phakade.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.


Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.


Nina-ke namuhla niphendukile, nenza okulungileyo phambi kwami ngokumemezela ukukhululeka, kwaba yilowo nalowo wakhulula umakhelwane wakhe, nenza isivumelwano phambi kwami, endlini ebizwa ngegama lami.


Senizikhohliwe yini izenzo ezimbi zokhokho benu, ezamakhosi akwaJuda, nezamakhosikazi awo; izenzo zenu ezimbi nezamakhosikazi enu enazenzayo ezweni lakwaJuda nasemigwaqweni eJerusalema na?


Ngabe le ndlu ebizwa ngeGama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyabona, kusho uSimakade.


Ngizokwenza kule ndlu ebizwa ngeGama lami nenithembela kuyo, nakule ndawo enganinika yona, nina nokhokho benu, njengalokhu ngenza eShilo.


“ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise.


“ ‘ “Nina ndlu yakwa-Israyeli,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “hambani; kube yilowo nalowo ayokhonza isithombe sakhe, kodwa kamuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


Bayakukuphatha ngenzondo, bakuqhwage konke lokho osukusebenzele, bakuphundle, usale unqunu, ubunqunu bobufebe bakho bube sobala. Ukukhanuka kwakho nobufebe bakho


Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphinge nezithombe zabo, kwathi abantwana abangizalela bona babadabulisa emlilweni, baba ngukudla kwazo.


Kwathi ngalolo lusuku benzela izithombe zabo umhlatshelo ngabantwana babo, base beya endlini yami engcwele ukuba bayingcolise. Uyabona, benza kanjalo-ke endlini yami.


Ngakho-ke batshele lokhu, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nina nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho niyakulidla kanjani izwe libe yifa lenu na?


Bafika kuwe bengabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, balalele amazwi akho, nokho abawagcini. Ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ibe ilandela inzuzo yabo engafanele.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Njengeqembu labaphangi lilalele umuntu unyendle, kanjalo neqembu labaphristi liyabulala endleleni eya eShekhemu, impela benza inkohlakalo.


Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.


nabakhothama ophahleni bekhuleka kulo ibandla lasezulwini, nabakhothamela ukufunga kuSimakade bebe befunga nakuMalkhamu,


Kodwa manje sesithi babusisiwe abaziqhenyayo, impela labo abenza okubi bayaphumelela; nalabo abalinga uNkulunkulu bayaphunyuka.’ ”


“Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Nani aningeni, kodwa abangenayo anibavumeli ukuba bangene.


“Angikhulumi ngani nonke, ngokuba ngiyabazi engibakhethileyo. Kepha ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphendukele.’


Khona bamhola uJesu esuka kuKhayafase, bamyisa enkundleni yokwehlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enkundleni yokwehlulela ukuze bangazingcolisi, kodwa bakwazi ukudla iPhasika.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ