Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:30 - IsiZulu 2020

30 Bayakuthiwa amanyela esiliva, ngokuba uSimakade ubalahlile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo, ngokuba uJehova ubalahlile.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Abantu bazababiza ngokuthi yisiliva elahlwayo, ngoba uJehova ubalahlile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:30
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela, ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho.


Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.


Susa amanyela esiliveni ukuze umkhandi athole azokwakha ngakho isitsha.


Isiliva lakho seliphenduke amanyela; iwayini lakho lixutshwe namanzi.


Ngizoguqula isandla sami ngimelane nawe, ngicwengisise wonke amanyela akho, ngisuse konke ukungcola kwakho.


Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.


“Uma laba bantu, noma umphrofethi, noma umphristi bekubuza bethi: ‘Uyini umthwalo kaSimakade na?’ Uyobatshela uthi: ‘Yinina eningumthwalo,’ ubuye uthi: ‘Ngiyakunilahla, kusho uSimakade.’


Kwafika kuJeremiya izwi livela kuSimakade, lithi:


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.


ngaphandle uma ususilahle unomphelo, wasithukuthelela kakhulu.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


“Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti uduma, ubusawoti bovuswa ngani na? Awunamsebenzi walutho, kuphela ukuba ulahlwe ngaphandle, unyathelwe ngabantu.


Ngalokho-ke ngithi: ngabe uNkulunkulu usilahlile yini isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abhrahama, wesizwe sakwaBhenjamini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ