Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:24 - IsiZulu 2020

24 Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Sizwile imibiko yalokho: izandla zethu ziyadangala; usizi lusibambile, imihelo njengeyobelethayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Sizwile umbiko ngakho: izandla zethu zibuthakathaka; sibanjwe usizi nobuhlungu njengobelethayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:24
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

akhungathwa yingebhe lapho nemihelo, njengokowesifazane otetayo.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele izinhlungu; ngibanjwe yimihelo njengowesifazane obelethayo; ngikhonkobele ngengikuzwile, ngethukile ngengikubonile.


Njalo lapho sedlula siyonibamba. Siyodabula njalo ekuseni, nasemini nasebusuku.” Kuyokwesabeka kakhulu ukuqondwa kombiko.


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


Wena ohlala eLebhanoni, osidleke sakho sisemisedarini, uyobubula kanjani lapho sewuhelelwa, usunemihelo njengowesifazane obelethayo na?


Ake nibuze, nibone ukuthi indoda yake yabeletha na? Pho kungani ngibona wonke amadoda ebambelele okhalo njengowesifazane ebeletha, ubuso bonke buphaphathekile na?


Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”


Imizi iyakudliwa, nezinqaba zithathwe. Ngalolo lusuku, izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


IDamaseku lidikibele, laphenduka labaleka; ingebhe ilibambile, ukudabuka nobuhlungu kulikhungethe njengowesifazane obelethayo.


Inkosi yaseBhabhele izwile ngodumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Zonke izandla ziyoba ntekenteke, namadolo wonke abe manzi te.


Khona lapho inkosi uBhelishazari yesaba kakhulu, kwahwaqabala ubuso bayo, nezinduna zayo zamangala.


Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ