Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:7 - IsiZulu 2020

7 Izingange zomuzi zabhodlozwa. Wonke amabutho abaleka, aphulukundlela emzini ebusuku, aphuma ngendlela esesangweni eliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, nokho amabutho ahamba ngendlela eya e-Arabha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi – amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi – ahamba ngendlela yase-Araba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Umuzi wabhodlozwa, wonke amaqhawe abaleka, aphuma emzini ebusuku ngesango eliphakathi kwemiduli emibili eyayingasensimini yenkosi; AmaKaledi ayezungeza umuzi, ahamba indlela yawo eya ethafeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:7
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wonke amabutho awufohla umuzi ngalobo busuku, abaleka ngendlela yesango elaliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, amabutho ahamba ngendlela ese-Araba.


Bheka, ngiyakukhipha umyalo, kusho uSimakade, ngibabuyisele kuwo lo muzi; bayokulwa nawo, bawudle, bawushise ngomlilo. Ngiyakuyenza imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Ngonyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwayo, bafohla bangena emzini.


Ngakho-ke izinsizwa zakhona ziyakuwa ezindaweni ezivulekileyo, nawo wonke amaqhawe empi abulawe ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla.


Amazibuko avinjiwe, umhlanga washiswa ngomlilo, amabutho ayathuthumela.”


Vukani, masihlasele ebusuku, masizibhubhise izinqaba zalo.”


“Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuwetshatha umthwalo ehlombe kusihlwa, sihambe. Bayakugebhula ugange ukuze kukhishwe khona umthwalo; siyokwemboza ubuso baso, ukuba singaliboni izwe ngamehlo aso.


Uyowukhipha umthwalo wakho emini bekubuka, njengomthwalo wabaya ekuthunjweni. Wena uyakuphuma kusihlwa bekubuka, njengalabo abaya ekuthunjweni.


Kwathi ngonyaka we-12 wokuthunjwa kwethu, ngosuku lweshumi enyangeni, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.


Niyakuphuma ngamunye ngamunye ngezintuba, nilahlwe eHermoni,” kusho uSimakade.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ