Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:30 - IsiZulu 2020

30 Ngonyaka wama-23 wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abaJuda abangama-745. Sebebonke abantu abathunjwayo babeyizi-4 600.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu. Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba phakathi kwabaJuda abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu; bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:30
6 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abanye abantu abasala emzini, nalabo abahlubukayo, bahlubukela ngasohlangothini lwenkosi yaseBhabhele, nesixuku esiseleyo, uNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumba bonke.


Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwayo, okwakungunyaka we-19 wenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani, induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.


Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.


UNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abantu abathile ababempofu, ababesele emzini, nalabo ababehlubukele enkosini yaseBhabhele, nezingcweti ezazisele.


ngonyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari, wathumba eJerusalema abantu abangama-832.


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Insali yakwa-Israyeli bayakuyikhothoza nokuyikhothoza njengomvini. Njengovuna amagilebhisi, yedlulisa isandla sakho phezu kwamagatsha.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ