Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:3 - IsiZulu 2020

3 Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngoba ngolaka lukaJehova kwenzeka eJerusalema nakwaJuda, waze wabaxosha ebusweni bakhe; uZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:3
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


UKhayini wasuka phambi kukaSimakade, wahamba wayohlala eNodi, empumalanga ye-Edeni.


Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.”


Yingakho nje uSimakade wamthukuthelela kakhulu u-Israyeli, wamsusa phambi kwakhe, akwaze kwasala muntu, ngaphandle kwesizwe sakwaJuda kuphela.


USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


USimakade waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njangalokhu ayeshilo ngomlomo wabaphrofethi bakhe. U-Israyeli waya ekuthunjweni, e-Asiriya, wasuka kwelakubo kuze kube namuhla.


Lokho kwenzeka eJerusalema kwaJuda ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla ebusweni bakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


Wayihlubuka futhi nenkosi uNebukhadinezari eyayimfungisile ngoSimakade, wayenza lukhuni intamo yakhe, nenhliziyo yakhe wayenza lukhuni, akaze aphendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


ukuze kuphenywe emiqulwini yemilando yokhokho bakho. Uyokuthola kuyo ukuthi lo muzi bewuhlale uwuhlupho, uvukela umbuso, nokuthi kusukela emandulo amakhosi nababusi bezifunda bewubahlalisa lubhojozi. Abantu bakhona bavele bangamambuka, yingakho nje umuzi wabhujiswa.


Ngenxa yesiphambeko sezwe, linezikhulu eziningi, kepha ngomuntu onokuqonda nonolwazi liyakuma.


Maye, kuwe lizwe elibuswa yinkosi esencane, izikhulu zakho zizitika ngedili kusuka ekuseni!


AbaseGibhithe ngiyobanikela esandleni senkosi enolunya namandla, ibabuse,” kusho uSimakade Wamabandla.


Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:


Ucabanga ukuthi ukukhuluma nje ngomlomo kungamasu namandla okulwa na? Ngubani owethembele kuye uze uhlubuke kimi na?


USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.


Ngiyakunixosha ebukhoneni bami njengalokhu ngenza nakubafowenu, bonke abozalo luka-Efrayimi.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ