Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:27 - IsiZulu 2020

27 Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulala lapho eRibhila, eHamathi. UJuda wathunjwa kanjalo-ke ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Kanjalo uJuda wathunjwa wasuswa ezweni lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:27
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UThoyi, inkosi yaseHamathi, wezwa ukuthi uDavide uyinqobile yonke impi kaHadadezeri,


USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


USimakade waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njangalokhu ayeshilo ngomlomo wabaphrofethi bakhe. U-Israyeli waya ekuthunjweni, e-Asiriya, wasuka kwelakubo kuze kube namuhla.


USimakade wathi: “Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami njengoba ngenzile ku-Israyeli, lo muzi engawukhethayo, iJerusalema, nendlu engathi ngayo iGama lami liyakuba lapho, ngizakuwulahla.”


Umhlaba uyokuba yincithakalo, uphangwe impela, ngokuba uSimakade ulishilo leli lizwi.


Ngokuba umuzi obiyelweyo usuyize, ikhaya lishiyiwe, lalahlwa, lanjengehlane; ithole seliklaba kulo, libuthise, lidle, liphundle amagatsha.


Ngakho-ke ngizingcolisile izikhulu zendlu engcwele; uJakobe ngizakumnikela ukuba achithwe, no-Israyeli ukuba abe yisithuko.”


Imizi eNegevu ivaliwe, akekho oyivulayo. UJuda wonkana uthunjiwe, uthunjwe ngokupheleleyo.


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


UNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngalolo lusuku.


Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.


Ayibamba inkosi, aya nayo enkosini yaseBhabhele, eRibhila, eHamathi, wayigweba.


Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo neze, ukuzidla ngamandla alo kuyakuphela nya; izintaba zakwa-Israyeli ziyakubhujiswa ukuze kungabi bikho odlula kuzo.


Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”


“USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ