Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:17 - IsiZulu 2020

17 Izinsika zethusi ezazisesigodlweni, izinqe, ulwandle lwethusi, konke okwakusendlini kaSimakade; amaKhaledi akufahlaza, kwathi konke okwakwenziwe ngethusi kwathuthelwa eBhabhele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela lonke ithusi lakho eBabele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi izinsika zethusi ezazisendlini kaJehova, nezitsha zokugezela nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKhaledi akuhlephula alithatha kuzo lonke ithusi aliyisa eBhabhiloni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:17
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

izindebe, izizenze, izitsha, izinkezo, imicengezi yomlilo, igolide elicwengekileyo, izingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, izicabha zendawo engcwelengcwele, nezicabha zendlu yethempeli, konke wakwenza ngegolide.


nakanjani izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho okhokho bakho abakubekelela khona kuze kube namuhla, kuyakuthathwa, kuyiswe eBhabhele; akuyukusala lutho, kusho uSimakade.


Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu, ezinkulu nezincane, ingcebo yendlu kaSimakade nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo, konke yakuyisa eBhabhele.


Izinsika zombili, ulwandle olwalulunye nje luhlangene nezinkabi ezili-12 zethusi ezaziphansi kwalo, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaSimakade, ithusi lakho konke lokho lalingenakulinganiswa.


Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.


Ubude bomphemegumbi babungamakhubhithi angama-20, nobubanzi bungamakhubhithi ali-11 ngasezitebhisini okwakukhushukelwa ngazo kulo; kukhona nezibonda ngasezinsikeni, ngapha nangapha.


INkosi uNkulunkulu yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nengxenye yezitsha zasendlini kaNkulunkulu, waziyisa eShineyari endlini kankulunkulu wakhe; izitsha wazibeka endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ