Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:12 - IsiZulu 2020

12 Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, okwakungunyaka we-19 wokubusa kwenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, okungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye kaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, uNebuzaradani induna yabalindi, owayesebenzela inkosi yaseBabele, wafika eJerusalema;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:12
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.


Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwayo, okwakungunyaka we-19 wenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani, induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.


Kepha okhokho bethu bamthukuthelisa uNkulunkulu wasezulwini, wayesevumela inkosi yaseBhabhele, uNebukhadinezari, inkosi yombuso wamaKhaledi, ukuba ibanqobe. Yabhubhisa le ndlu, abantu yabathumba yabasa eBhabhele.


Ngaphendula ngathi enkosini: “Mana njalo, nkosi! Kungenzeka kanjani ukuba ubuso bami bungadangali, lapho umuzi oyindawo yamathuna okhokho uyincithakalo, namasango awo eshiswe ngomlilo na?”


Nkulunkulu, abezizwe bahlasele ifa lakho, bangcolisa ithempeli lakho elingcwele, iJerusalema baliphendula incithakalo.


Labuye lafika nangesikhathi sokubusa kukaJehoyakimu, indodana kaJosiya inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, indodana kaJosiya kwaJuda, kwaze kwaba ngukuthunjwa kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.


AmaKhaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele ngomlilo, awushise nalezo zindlu ababeshisela uBhali impepho phezu kophahla lwazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwayo ukuba bangicunule.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:


Insali yabantu ababesemzini, namambuka ayehlubukele kuye, nalabo bantu ababesele kuNebuzaradani, induna yabalindi, wabathumbela eBhabhele.


Wonke amabutho amaKhaledi ayenenduna yabalindi azidiliza zonke izingange eJerusalema.


ngonyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari, wathumba eJerusalema abantu abangama-832.


Ngonyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema, walivimbezela.


Khona uDaniyeli wabuyisela impendulo ngokuhlakanipha nangokuqonda ku-Ariyokhi, induna yemilindankosi, owayephumile ukubulala abahlakaniphileyo baseBhabhele;


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Ukuzila kwenyanga yesine, okwesiyesihlanu, okweyesikhombisa, nokweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle endlini yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ