Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 52:11 - IsiZulu 2020

11 Inkosi yaseBhabhele yamkopolota amehlo uZedekiya, yambopha ngamaketanga, yamyisa eBhabhele, yamfaka ejele, kwaze kwaba lusuku afa ngalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wakhipha amehlo kaZedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 52:11
7 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


UZedekiya yamkhipha amehlo, yambopha ngamaketanga, wayiswa eBhabhele.


Yachithachitha indlu yayo, njengedlangala ensimini, yabhubhisa indawo yayo yokuhlanganela. USimakade wenza imikhosi emisiweyo namaSabatha, akwabe kusakhunjulwa eZiyoni; ngokufutheka kolaka lwakhe, waziqhelelanisa nenkosi nabaphristi.


Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwaso, sibanjwe ogibeni lwami, ngisiyise eBhabhele, ezweni lamaKhaledi. Kepha kasiyukulibona, siyakufela lapho.


“ ‘Ngifunga ngiyagomela,’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘impela endaweni yenkosi eyambeka waba yinkosi, wedelela isifungo sayo, wasaphula isivumelwano sayo; naye uyakufela khona eBhabhele.


bayakuza kuwe bakuthelekele ngezikhali, izinqola, okunamasondo, nesixuku sabantu, bayakukuvimbezela nxazonke ngamahawu nezihlangu, nezigqoko zempi. Ngiyakubanika igunya lokwehlulela, bayakukwehlulela ngezehlulelo zabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ