Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:9 - IsiZulu 2020

9 “Ngabe silelaphile iBhabhele, kodwa alelapheki, lishiyeni, masihambe, kube yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwehlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyiselwe nasemafini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga; lishiyeni, masihambe siye, kube yilowo nalowo ezweni lakubo, ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyisiwe nasemafwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Besiyakuphulukisa iBabele, kepha aliphulukisanga; mshiyeni, sihambe, yilowo nalowo aye ezweni lakubo, ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelele ezulwini, kukhuphukele ezulwini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:9
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakukhona umphrofethi kaSimakade ogama lakhe kwakungu-Odedi. Waphuma wahlangabeza impi eyase ibuyela eSamariya, wathi kuyo: “Bhekani, uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu ubemthukuthelele uJuda, ngakho-ke wamnikela esandleni senu; nina nibabulele ngentukuthelo eze yafinyelela ezulwini.


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngihlazeke kakhulu, ngesaba ngisho ukubheka kuwe, Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu sezedlula amakhanda ethu, necala lethu selifinyelela emazulwini.


Bayophendukela kubantu bakubo njengensephe ehujwayo, nanjengezimvu ezingaqoqwa muntu, babaleke, yilowo nalowo aphindele ezweni lakubo.


Zinjalo-ke kuwe lezo zinto obuzikhandlekela, ebezihambisana nawe kwasebusheni bakho, yileyo naleyo iyazulazula endleleni yayo, ayisekho engakusiza.”


Uyakukhubekisa izindimbane, yebo, bayakuwa omunye ewela phezu komunye, bathi: ‘Vukani, masibuyele kwabakithi, ezweni esidabuka kulo; sibaleke enkembeni yomcindezeli.’


Ngisho namabutho alo aqashiwe, aphakathi kulo, anjengamathole akhuluphalisiweyo; nawo aphenduka abaleka kanyekanye, awazange eme ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selufikile; isikhathi sokujeziswa kwabo.


Nqumani umhlwanyeli eBhabhele nophethe isikela ngesikhathi sokuvuna; ngenxa yenkemba yomcindezeli, yilowo nalowo abuyele kubantu bakubo, abalekele ezweni lakubo.


“Ukuvuna sekwedlulile, ihlobo liphelile, kodwa thina asisindiswanga.”


Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Bazokwehlelwa yinhlekelele, ngokuba bangihlubukile. Bengiyakubahlenga Mina, kodwa bakhulume amanga ngami.


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.


Ngokuba izono zalo sezifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ