Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:8 - IsiZulu 2020

8 IBhabhele seliwe ngokuphazima kweso, libhidliziwe. Likhihleleni isililo, ubuhlungu balo nibutholele ibhalisamu, hleze lingelapheka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 IBabele seliwile ngokuzumayo, lachithwa; hhewulani ngalo, nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu;* mhlawumbe lingaphiliswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 IBhabhiloni lawa ngokuzumayo, lachithwa; mkhaleleni; thatha amafutha ezinhlungwini zakhe, uma kunjalo, angasinda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:8
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, sekuza umuntu ngenqola yamahhashi. Umemeza athi: ‘Liwile, liwile iBhabhele, nazo zonke izithombe zonkulunkulu balo; kuphelele phansi.’ ”


Kodwa ububi buyakukwehlela, awuyukwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyukuba namandla okuyivika; incithakalo iyokwehlela phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.


Kodwa kokubili lokhu kuyokwehlela ngokuphazima kweso ngalusuku lunye, ukufelwa ngabantwana nokuba ngumfelokazi kuyokwehlela ngokupheleleyo, phezu kobuningi babalumbi bakho, namalumbo akho edlula ukwenza.


“Khuphukela kwaGileyadi, ubuthe ibhalisamu, wena ntombi, ndodakazi yaseGibhithe, uyisebenzisela ize imithi eminingi, ngeke waphulukiswa.


UMowabi ujabhisiwe, uphelelwe ngamandla; khihlani isililo, nikhale, nimemezele e-Arinoni ukuthi uMowabi ubhujisiwe.


Ngakho-ke ngizokhihla isililo ngoMowabi, ngimkhalele wonke uMowabi, ngizakububulela abantu baseKhiri Heresi.


“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’


“Maye, ngokuthunjwa kweSheshakhi, nokubanjwa kwezwe elalinodumo emhlabeni wonke! Maye, iBhabhele seliyinto esabekayo ezizweni!


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


“Ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Lilani, nithi: “ ‘ “Maye, ngalolo lusuku!”


Yayisithunyelwa le ngxenye yesandla ivela kuye, kwalotshwa lo mbhalo.


UDariyu umMede wathatha umbuso eneminyaka engama-62.


Akukho ukwelashwa kokuphuka kwakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya ihlombe, ngokuba ngubani obungadlulelanga njalo phezu kwakhe ububi bakho na?


Kwalandela futhi enye ingelosi yesibili, ithi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, eliphuzise izizwe zonke iwayini lezinkanuko nobufebe balo.”


Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ