Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:57 - IsiZulu 2020

57 Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

57 Ngiyakudakisa izikhulu zayo nezihlakaniphi zayo, nezikhulu zayo, nezikhulu zayo, namaqhawe ayo; bayolala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:57
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


oshafisa izibonakaliso zabaphrofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye; obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


Uyokuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bheka, ngizakuzigcwalisa ngokudakwa, zonke izakhamuzi zakuleli lizwe; amakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abaphristi, abaphrofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.


“Uyakubatshela, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisavuka, ngenxa yenkemba engiyakuyithumela kini.’


“Ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi, egama layo kunguSimakade Wamabandla, “kukhona ozayo ofana neThabhori phakathi kwezintaba, nanjengeKharmeli ngasolwandle.


UMowabi uyakubhujiswa, nemizi yakhe ihlaselwe; izinsizwa zakhe zekhethelo zehlele ukuyobulawa,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.


Ngalokho izinsizwa zalo ziyakuwa emigwaqweni yalo, nawo wonke amabutho alo ayakubhujiswa ngalolo lusuku,” kusho uSimakade.


Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.


“ ‘ “Ngifunga ngiyagomela; impela ngesandla esinamandla, nangengalo eluliweyo, nangolaka olutheliweyo; ngiyakubusa phezu kwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


Abelusi bakho balele, nkosi yase-Asiriya; abahloniphekileyo bakho bayaphumula; abantu bakho bahlakazekele ezintabeni, akekho obaqoqayo.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Amakhosi omhlaba, lawo ayefeba atamasa nalo, ayakukhala alile ngenxa yalo, lapho ebona intuthu yalo lisha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ