Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:50 - IsiZulu 2020

50 Nina eniphunyuke enkembeni, hambani, ningami; khumbulani uSimakade nikwelikude izwe, nicabange ngeJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 Nina eniphunyukile enkembeni hambani, ningemi; khumbulani uJehova nisekude, iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

50 Nina eniphunyukileyo enkembeni, hambani, ningami; cabangani ngoJehova nisekude, iJerusalema likhuphuke emicabangweni yenu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:50
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Khulekelani ukuthula kweJerusalema: “Abakuthandayo mabaphumelele.


Phumani eBhabhele nibalekele amaKhaledi; kumemezeleni lokho ngezwi lokujabula, nikuzwakalise, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, nithi: “USimakade uyihlengile inceku yakhe, uJakobe.”


Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.


Zithintithe uthuli, usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo; zikhulule eziboshweni ezisentanyeni yakho, wena ndodakazi yaseZiyoni ethunjiweyo.


“Zibekele amatshe ayinkombandlela, uzibekele izimpawu zomgwaqo, uqaphelisise umendo wakho, indlela owahamba ngayo; uzophinde ubuye ngayo. Buya ntombi engu-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.


Abayakuphunyuka enkembeni bayakubuya eGibhithe, babuyele ezweni lakwaJuda, beyingcosana. Yonke insali yakwaJuda eye eGibhithe ukuba igogobale khona iyokwazi ukuthi ngelikabani izwi eliyakuma, elami noma elayo.


“Balekani eBhabhele, niphume ezweni lamaKhaledi, hambani, nifane nezimpongo zihola umhlambi.


“Phumani kulo, bantu bami, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe olakeni lukaSimakade oluvuthayo.


“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Ayesebuthana lawo madoda, amthola uDaniyeli ekhuleka, enxusa kuNkulunkulu wakhe.


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ