Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:47 - IsiZulu 2020

47 Ngakho bheka, ziyeza izinsuku, lapho ngiyozijezisa izithombe ezibaziweyo zaseBhabhele, izwe lakhona lijabhe, bonke ababuleweyo badindilize kulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, lapho ngiyakujezisa izithombe ezibaziweyo zaseBabele, izwe lonke lalo lijabhe, bonke ababuleweyo balo bawe phakathi kwalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza lapho ngiyakwahlulela khona izithombe ezibaziweyo zaseBabele; izwe lakhe lonke liyakuba namahloni, bonke ababuleweyo bakhe bawe phakathi kwalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:47
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, sekuza umuntu ngenqola yamahhashi. Umemeza athi: ‘Liwile, liwile iBhabhele, nazo zonke izithombe zonkulunkulu balo; kuphelele phansi.’ ”


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bheka, ngiyakubajezisa; izinsizwa ziyokufa ngenkemba. Amadodana namadodakazi azo ayobulawa yindlala,


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


Umphrofethi, umphristi nabantu abayokuthi: ‘Ngumthwalo kaSimakade,’ ngiyomjezisa lowo muntu nabendlu yakhe.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.


“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’


Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso ziyakushabalala.


“Ngiyakuziphindiselela kulo iBhabhele, nakubo bonke abakhileyo eKhalideya, ngakho konke okubi abakwenze eZiyoni, nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.


Imizi yakhona ibhujisiwe; sekuyizwe elomileyo, nehlane; izwe elingasahlalwa muntu, ngisho nendodana yomuntu ingedlule kulo.


“Ngakho bheka, ziyeza izinsuku, lapho ngiyozijezisa izithombe zalo ezibaziweyo, kulo lonke izwe lakhona kuqume abalimeleyo,” kusho uSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ