Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:36 - IsiZulu 2020

36 Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngiyakuyimela indaba yakho, ngikuphindiselele, ngilomise ulwandle lwalo, ngenze umthombo walo ushe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakumela indaba yakho, ngikuphindisele, ngishise ulwandle lwalo, ngomise umthombo walo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakulwela indaba yakho, ngikuphindisele; ngiyomisa izilwandle zalo, ngomise nemithombo yalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:36
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Imifula wayiphendula ihlane, nemithombo yamanzi, isigagadu,


Ngiyazi ukuthi uSimakade uyabamela abahluphekayo, abehlulele ngobulungiswa abampofu.


ngokuba uSimakade uyayimela indaba yabo, kuthi ababephucayo Yena abephuce ukuphila kwabo.


ngokuba umhlengi wazo unamandla; uyakuyimela indaba yazo.


Amanzi olwandle ayokusha, umfula wome nkwe.


Usho kanje uSimakade uMhlengi wenu oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBhabhele, ngiyobehlisa bonke ababalekileyo, namaKhaledi ngemikhumbi, bememeza ngenjabulo.


Oshoyo kuwo umsinga, athi: ‘Yisha, ngiyayomisa imifula yakho;’


Makufike isomiso emanzini alo, aze ashe, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanyiswa yizithombe zabo ezibaziweyo, ezesabekayo.


“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.


“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.


Ngiyakuziphindiselela ku-Edomi ngesandla sabantu bami, u-Israyeli; bayakwenza kwa-Edomi ngokwentukuthelo yami nangokolaka lwami, bayakuyazi-ke impindiselo yami, kusho iNkosi uSimakade.” ’


“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


Bathandekayo, ningaphindiseli, kodwa dedelani ulaka lukaNkulunkulu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ingeyami impindiselo, ngiyakuphindisela,” kusho iNkosi.


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”


Eyesithupha yasithululela isitsha sayo emfuleni omkhulu iYufrathe, kwase kusha amanzi kuwo, ukuze kulungiswe indlela yamakhosi avela empumalanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ