Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:35 - IsiZulu 2020

35 “Ubudlova obenziwe kimi nakubantu bakithi, mabube phezu kweBhabhele;” makasho kanjalo owakhileyo eZiyoni. “Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKhalideya;” malisho kanjalo iJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 “Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yami mabube phezu kweBabele,” makasho njalo owakhileyo eSiyoni. “Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya;” malisho njalo iJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Ubudlova obenziwa kimi nenyama yami buseBabele, abakhileyo eZiyoni bayakusho; negazi lami phezu kwabakhileyo eKaledi, iJerusalema liyakusho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:35
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USarayi wayesethi ku-Abhrama: “Sengathi lokhu okubi okwenzeka kimi lingathwalwa nguwe icala lakho. Mina ngakunika incekukazi yami, ithe ingazibona ukuthi isikhulelwe yayisingibukela phansi. USimakade makehlulele phakathi kwakho nami.”


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


IKhalideya liyakuba yimpango; bonke abaliphangayo bayokweneliswa,” kusho uSimakade.


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


“Ngiyakuziphindiselela kulo iBhabhele, nakubo bonke abakhileyo eKhalideya, ngakho konke okubi abakwenze eZiyoni, nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.


“Bonke ububi bazo mabufinyelele ebusweni bakho, nakuzo yenza njengoba wenze kimi, ngenxa yazo zonke iziphambeko zami, ngokuba kukhulu ukububula kwami; idangele nenhliziyo yami.”


Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa, nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaphrofethi, ubanike igazi ukuba baliphuze; okuyikhona kubafanele.”


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Yenza kulo lokho elikwenzile, ukuphindaphinde kabili okwemisebenzi yalo; endebeni ebelixubela kuyo, lixubele ngokuphindiwe;


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


kodwa uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abhimelekhi, uqothule zonke izakhamuzi zaseShekhemi naseBhethi Milo, kuphume umlilo ezakhamuzini zaseShekhemi naseBhethi Milo ubhubhise u-Abhimelekhi.”


Lokho kwenzeka ukuze kuphindiseleke unya alwenza emadodaneni kaJerubhali angama-70, nokuba igazi lawo libe phezu komfowabo u-Abhimelekhi, owawabulalayo, naphezu kwezakhamuzi zaseShekhemi ezenza abe namandla okubulala abafowabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ