Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:29 - IsiZulu 2020

29 Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele; ngokuba inhloso kaSimakade ngeBhabhele izofezeka, enze iBhabhele libe yincithakalo, ukuze kungabi bikho ohlala kulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele, ngokuba amacebo kaJehova ngeBabele emi okuba enze izwe laseBabele libe yincithakalo, kuze kungabikho ohlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Izwe liyothuthumela futhi lilile, ngoba yonke inhloso kaJehova iyofezwa ngokumelene neBhabhiloni ukwenza izwe laseBhabhiloni libe yihlane elingenamuntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:29
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Abakubonayo bayokubhekisisa, bakuqaphelisise, bese bethi: ‘Nguye yini lo muntu owazamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso,


Umhlaba uzontengezela njengodakiweyo, untengantenge njengexhokovana, isiphambeko sawo siyakuba nzima phezu kwawo, uwe ungaphinde uvuke nanini.


Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe.


Ngenxa yentukuthelo kaSimakade aliyukuhlalwa muntu, kodwa lonke liyakuba yincithakalo. Bonke abadlula eBhabhele bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlekelele zalo.


Inkemba ifike phezu kwabaphrofethi bamanga, babe yiziwula; inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo, aphele amandla.


Inkosi yaseBhabhele izwile ngodumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Ngakho-ke yizwani amasu uSimakade awacebele iBhabhele nakuhlose ngezwe lamaKhaledi: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa, basuswe, indawo abakuyo ayenze ibe yincithakalo ngenxa yabo.


Ngomsindo wokuthunjwa kweBhabhele, umhlaba uyakuthuthumela, umsindo wokukhala kwabo kalusizi, uyozwakala ezizweni.


Abayukuthatha kuwe itshe legumbi netshe lesisekelo, ngokuba uyakuba yincithakalo, kuze kube phakade,” kusho uSimakade.


Vivisani izizwe, amakhosi aseMediya, nezinduna zalo, nababusi balo, nezwe lonke abalibusayo.


IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.


Imizi yakhona ibhujisiwe; sekuyizwe elomileyo, nehlane; izwe elingasahlalwa muntu, ngisho nendodana yomuntu ingedlule kulo.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuzwakele kwaDani; umsindo wokukhala kwamahhashi akhe anamandla kuthuthumelise lonke izwe, ngokuba asefikile, aliqothula izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhileyo kuwo.”


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo. Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe, nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.


“Umhlaba awuyukuzamazama yini ngenxa yalokho, balile bonke abahlala kuwo na? Impela, uyakukhukhumala wonke njengomfula, uqonge, ubuye ubohle njengomfula eGibhithe.


Yamemeza ngezwi elikhulu, yathi: “Liwile, liwile iBhabhiloni elikhulu, seliphenduke indawo ehlala amadimoni, nejele layo yonke imimoya engcolileyo, nazo zonke izinyoni ezingcolileyo nezinengekayo, nazo zonke izilwane ezingcolile nezinengekayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ