Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:28 - IsiZulu 2020

28 Vivisani izizwe, amakhosi aseMediya, nezinduna zalo, nababusi balo, nezwe lonke abalibusayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Lingcweliseleni izizwe, amakhosi aseMediya, nezinduna zalo, nababusi balo, nalo lonke izwe elibuswa yibo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Lungisani izizwe ngokumelene nalo, amakhosi amaMede, izikhulu zawo, nazo zonke izikhulu zawo, nalo lonke izwe lombuso wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:28
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.


Amadodana kaJafethi: nguGomere, uMagoge, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMesheke noTirase.


kwathi ngonyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela zonke izikhulu zayo nezinceku zayo idili, abombutho wempi yasePheresiya naseMediya, izikhulu nababusi bezifundazwe, babelapho.


Zonke izinto ezinkulu, nezimangalisayo azenzayo, nendaba yonke yokukhushulelwa kukaMoridekhayi esikhundleni esikhulu, kubhaliwe emilandweni yamakhosi amaMediya namaPheresiya.


Bhekani, ngizobavusela amaMede, isizwe esingenandaba nasiliva nagolide.


Ngiboniswe umbono oshaqisayo: umkhapheli ekhaphela, nombhubhisi ebhubhisa. Yenyuka Elamu, uvimbezele Mediya; ngizokuqeda konke ukukhala kwenu.


Ngokuba bayakugqilazwa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiyakuphindisela kubo ngokwezenzo zabo nangokwemisebenzi yezandla zabo.”


wonke amakhosi aseZimri, wonke amakhosi ase-Elamu, wonke amakhosi aseMediya,


“Bheka, kuqhamuka abantu enyakatho, isizwe esikhulu namakhosi amaningi, kuvuswe ekugcineni komhlaba.


“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.


“Phakamisani ibhanela ezweni, nishaye icilongo ezizweni, nivivise izizwe ukuba zilwe nalo, nibize imibuso yase-Ararathi, yaseMini nase-Ashikhenaze, ilihlasele. Nibeke induna yamabutho amelane nalo, nithumele khona amahhashi anjengequlu lesikhonyane.


Umhlaba uyathuthumela, uqhaqhazele; ngokuba inhloso kaSimakade ngeBhabhele izofezeka, enze iBhabhele libe yincithakalo, ukuze kungabi bikho ohlala kulo.


Kwaba kuhle kuDariyu ukuba abeke phezu kombuso izikhulu eziyi-120 zibuse embusweni wonke.


Manje, nkosi, khipha isimemezelo, ulobe umbhalo ongenakuguqulwa ngokomthetho wamaMede namaPheresiya ongenakuguquka.”


Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya.


Ngonyaka wokuqala kaDariyu indodana ka-Ahashiveroshi, wozalo lwamaMede, owabekwa inkosi phezu kombuso wamaKhaledi,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ