Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:22 - IsiZulu 2020

22 ngawe ngiphahlaze abesilisa nabesifazane, ngawe ngiphahlaze abadala nabancane, ngawe ngiphahlaze izinsizwa nezintombi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 ngiphahlaze ngawe abesilisa nabesifazane, ngiphahlaze ngawe abadala nabasha, ngiphahlaze ngawe izinsizwa nezintombi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngawe ngiyakuchoboza owesilisa nowesifazane; ngichoboza ngawe abadala nabasha; ngiyakuchoboza ngawe izinsizwa nentombi;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:22
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Bonke abayotholwa bayogwazwa, nabayobanjwa, badliwe yinkemba.


Abantwana babo bayophohlozwa bebuka, izindlu zabo ziphangwe, omkabo badlwengulwe.


Ayobulala izinsizwa ngeminsalo yawo; angabi nasihe esithelweni sesibeletho sabo; abayukuba nasihawu kubantwana.


Inkosi yase-Asiriya iyobahambisa benqunu abathunjwa baseGibhithe, nabaxoshiweyo baseKhushe: abadala nabancane, izinqe ziyoba sobala, kube yihlazo eGibhithe.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: nikwenzelani lokhu okubi kangaka kinina uqobo, niqede kini abesilisa, abesifazane, izingane nabasancelayo kubaJuda, nize ningazishiyeli nansali na?


Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo, izinqola zalo, naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu ekulo, babe njengabesifazane; inkemba ifike phezu kwengcebo yalo, ize iphangwe.


Ngawe ngiphahlaze umelusi nomhlambi wakhe, ngawe ngiphahlaze umlimi nezinkabi zakhe, ngawe ngiphahlaze ababusi nezikhulu.


Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.


Amehlo ami akhathele ukukhala, kuphethuka izibilini zami; ngiphelelwe yithemba ngenxa yokubhujiswa kwabantu bakithi, nokuquleka kwezingane nabancelayo emigwaqweni yomuzi.


“Abancane nabadala badindilize emigwaqweni; izintombi nezinsizwa zami ziwe ngenkemba. Uzibulale ngosuku lwentukuthelo yakho; wazibulala ngokungenaluzwelo.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Emigwaqweni inkemba iyodla lubi, emakamelweni kubhoke uvalo: ezinsizweni nasezintombini, koncelayo nasempungeni.


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ