Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:20 - IsiZulu 2020

20 “Uyizembe lami nezikhali zokulwa; ngawe ngiphahlaza izizwe, ngawe ngibhubhisa imibuso,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Uyizembe lami nezikhali zokulwa; ngiyaphahlaza izizwe ngawe, ngawe ngiyachitha imibuso,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wena uyizembe lami nezikhali zami zokulwa, ngokuba ngiyakuphahlaza izizwe ngawe, ngichithe imibuso ngawe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:20
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?


“Maye, kulo i-Asiriya, intonga yentukuthelo yami, induku esesandleni salo iyintukuthelo yami.


Ivela emazweni akude, emikhawulweni yezulu. USimakade uze nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuzobhubhisa umhlaba wonke.


“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.


“Usho kanje uSimakade kogcotshiweyo wakhe, uKhoresi, osandla sakhe sokunene ngisibambile ukuba ngehlule izizwe phambi kwakhe, ngihlubule amakhosi izembatho zawo, ngivule iminyango phambi kwakhe; amasango awasayukuvalwa.


Hlanganani zizwe, nishaqeke. Bekani indlebe nina mazwe akude: bophani izinkalo zenu, nokho niyodangala; yebo, bophani izinkalo zenu, kodwa niyakudangala.


Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Yeka ukunqunywa nokwephulwa kwesando somhlaba wonke, yeka ukwenziwa kweBhabhele incithakalo ezizweni!


“ ‘ “Inkemba inikelwe ukuba imenyezeliswe, ukuze ibanjwe ngesandla. Yebo, inkemba isiloliwe, isimenyezelisiwe ukuba inikelwe esandleni sombulali.


Intukuthelo yami ngiyakuyithululela phezu kwakho, ngikufuthe ngomlilo wolaka lwami, ngikunikele ezandleni zabantu abanonya, abangongoti bokubhubhisa.


“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.


Sukuma ubhule, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi, nezinselo zakho ngizenze zibe yithusi; uyakuqothisisa izizwe eziningi.” Uyakwethula inzuzo yazo nomcebo wazo kuSimakade, iNkosi yomhlaba wonke.


Lowo ocekela phansi uzokuhlasela, qapha inqaba, ubheke emgwaqweni, uqinise ukhalo, uqinise izikhwepha ngokwedlulele.


Kuyena kuyakuvela itshe legumbi, kuvele isikhonkwane, kuvele umnsalo wempi, kuvele nababusi bonke ndawonye.


Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ