Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:2 - IsiZulu 2020

2 Ngiyothumela abafokazi eBhabhele, abayolihlunga, balithulule, balenze incithakalo izwe lalo; ngokuba ngosuku lwenhlekelele bayolithelekela nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiyakuthuma abelayo eBabele, balele, balithulule, ngokuba ngosuku lobubi bayakuba kulo nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 futhi ngiyothumela izikhonkwane eBhabhiloni eziyoyivuthela futhi yenze izwe lalo libe yize; ngoba ngosuku lwenhlupheko bazamelana layo nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:2
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyowahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; uyothokoza ngoSimakade, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


Usho kanje uSimakade uMhlengi wenu oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngenxa yenu ngithumele eBhabhele, ngiyobehlisa bonke ababalekileyo, namaKhaledi ngemikhumbi, bememeza ngenjabulo.


Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabephuca izingane, ngabhubhisa abantu bami, kodwa abaphendukanga ezindleleni zabo.


“Bizani abemicibisholo, balwe neBhabhele; bonke abansala umnsalo, nikanise nxazonke zalo, kungaphunyuki namunye; niliphindisele njengezenzo zalo, nenze kulo njengoba nalo lenzile, ngokuba lizikhukhumezile, ladelela uSimakade oNgcwele ka-Israyeli.


“Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo. Ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”


Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe.


Yena ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe, kodwa amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ