Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:16 - IsiZulu 2020

16 Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona amanzi amaningi esibhakabhakeni; wakhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:16
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.


noma ngabe lokho ukwenzela ukujezisa, noma umhlaba wakhe, noma ngothando, uyakuvumela ukuba kwenzeke.


“Wake wangena yini ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.


Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enze imibani ibe yimvula, akhiphe umoya ezinqabeni zakhe.


Usho ngezwi, kuncibilike; wenza umoya uphephethe, amanzi ageleze.


USimakade uyaduma esibhakabhakeni; Ophezukonke uyabhodla, wehlisa isichotho namalahle ankemuzelayo.


Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.


yona ekhwela phezu kwamazulu aphezulu asendulo, iyezwakalisa izwi layo, izwi elinamandla.


Wadedela umoya wasempumalanga ezulwini, ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.


UMose welula induku yakhe phezu kweGibhithe; uSimakade wayesethumela umoya wasempumalanga ezweni imini nobusuku, ekuseni umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.


USimakade wayesewuguqula umoya waba ngumoya onamandla wasentshonalanga, waphephula isikhonyane wasithela oLwandle Lomhlanga, kwangasala nayinye intethe eGibhithe.


UMose welulela isandla sakhe phezu kolwandle, uSimakade walududula ulwandle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, ulwandle waluphendula lwaba wumhlabathi owomileyo, amanzi ehlukana.


Umsindo wamaphiko amakherubhi wezwakala, kwaze kwaba segcekeni elingaphandle, njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.


“Anifani yini kimi bantu bakaKhushe, nina bantu bakwa-Israyeli na?” kusho uSimakade. “Angimkhuphulanga yini u-Israyeli eGibhithe, namaFilisti eKhafithori, nama-Aramu eKhiri na?


Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.


Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ