Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:10 - IsiZulu 2020

10 “USimakade ukubonakalisile ukunqoba kwethu; wozani siyobika eZiyoni, ngomsebenzi awenzile uSimakade uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “UJehova uvezile imfanelo yethu; wozani silande eSiyoni umsebenzi kaJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova waveza ukulunga kwethu; wozani simemezele eSiyoni umsebenzi kaJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:10
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Angizukufa; ngizophila, ngishumayele ngemisebenzi kaSimakade.


Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.


Bonke abantu bayokwesaba, bayoshumayela ngemisebenzi kaNkulunkulu, bakuqonde akwenzileyo.


We nina nonke enesaba uNkulunkulu, wozani nilalele, nginilandise ngalokho angenzele khona.


ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho.


Abantu bayophakamisa izwi labo, bababaze ubukhosi bukaSimakade entshonalanga.


Liqungeni isibindi iJerusalema, nimemezele kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile, nobubi balo buhlanguliwe, ngokuba lamukele kuSimakade isijeziso ngokuphindiwe ngenxa yazo zonke izono zalo.


Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.


Ngumsindo wababalekayo nabaphunyuka eBhabhele, bamemezela eZiyoni impindiselo kaSimakade uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!


Ngakho-ke yizwani amasu uSimakade awacebele iBhabhele nakuhlose ngezwe lamaKhaledi: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa, basuswe, indawo abakuyo ayenze ibe yincithakalo ngenxa yabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ