Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:44 - IsiZulu 2020

44 Bheka, njengengonyama ephuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza; ngiyakubazuma kanjalo abaseBhabhele, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo, ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongamelana nami na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Bheka, uyakwenyuka njengengonyama ephuma emagagasini aseJordani, aye endaweni yokuhlala yeziQhinga; kodwa ngizakwenza masinyane bambaleke kuye; ngubani okhethiweyo, engingambeka phezu kwakhe na? ngoba ngubani onjengami? ngubani ongangibekela isikhathi na? ngubani umalusi ongema phambi kwami na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:44
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na?


Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile.


“Ngubani onjengawe Simakade phakathi konkulunkulu na? Ngubani onjengawe ngobukhosi nangobungcwele, omangalisayo ngendumiso, owenza izimangaliso na?


Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?


“Ngubani eningamfanisa nami neningangilinganisa naye na?” kusho oNgcwele.


“Ngimvusile enyakatho, futhi usefikile, kusukela ekuphumeni kwelanga, uyakubiza iGama lami; uyakwehlela phezu kwababusi njengaphezu kodaka, nanjengombumbi exovaxova ibumba.


“Ningofakazi bami,” kusho uSimakade, “nenceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina nginguye. Akukho nkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami, futhi akekho oyokwenziwa ngasemuva kwami.


obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.


Khumbulani izinto zakuqala, zasemandulo, ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye, nginguNkulunkulu, akekho onjengami,


“Qoqanani nina nonke, nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezele lezi zinto na? USimakade uyamthanda, uyoyifeza intando yakhe eBhabhele, nengalo yakhe imelane namaKhaledi.


“Ugijime nemigundatshani, yakukhathaza, pho ungancintisana kanjani namahhashi na? Uma ukhubeka ezweni eliphephile, uyakwenzenjani ehlozini eJordani na?


Uwushiyile umphandu wakhe, njengebhongo lengonyama; ngokuba izwe labo seliyincithakalo, ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.


Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.


Khuzani iziqubulo zempi nxazonke; lize liphakamise izandla lithi: maluju! Imibhoshongo yalo iyakuwa, izingange zalo ziyakudilizwa, ngokuba lokho kuyimpindiselo kaSimakade; phindiselani kulo, njengokuba lenzile, yenzani kanjalo kulo.


Ngumsindo wokukhala kwabelusi! Phela udumo lwabo seluphelile. Ngumsindo wokubhonga kwamabhongo ezingonyama! Ngokuba ihlathi eJordani selicekelwe phansi.


Wathi kuKhora neviyo lakhe: “Kusasa ekuseni uSimakade uzonazisa ukuthi ngubani ongowakhe, nongcwele, bese emsondeza kuye lowo akhetha ukumsondeza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ