Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:32 - IsiZulu 2020

32 “Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo. Ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe, angabi naye omvusayo; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, udle konke okumzungezayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Abazidlayo bayokhubeka bawe, futhi akekho oyobaphakamisa; ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe, umqede nxazonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:32
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abazikhukhumezayo mabajabhe, ngokuba bangicindezela ngaphandle kwesizathu; nokho mina ngizozindla ngeziyalezo zakho.


Ukuzidla kwendulela ukuwa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukubhadazela.


Inhliziyo yomuntu iyaziqhenya ngaphambi kokuba abhujiswe, kanti ukuthobeka kwandulela udumo.


“ ‘Ngiyakunihambela, nginijezise njengokwezithelo zezenzo zenu, ngiyakuphemba umlilo, uqothule ihlathi lawo umuzi nakho konke okuwuzungezileyo, kusho uSimakade.’ ”


“Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku, ungqongqise izinqaba zikaBheni Hadadi.”


Abayukuthatha kuwe itshe legumbi netshe lesisekelo, ngokuba uyakuba yincithakalo, kuze kube phakade,” kusho uSimakade.


uthi: ‘IBhabhele liyakushona kanjalo-ke, lingabe lisavuka ngenxa yenhlekelele engiyoyehlisela kulo. Abantu bakhona bayakuphelelwa ngamandla.’ ” Aphela lapha amazwi kaJeremiya.


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eThire, uyakungqongqisa izinqaba zalo.”


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo endlini kaHazayeli, uyakungqongqisa izinqaba zikaBheni Hadadi.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaMowabi, uyakungqongqisa izinqaba eKeriyothi. AbakwaMowabi bafele emsindweni, kube ubumayemaye, kukhale icilongo.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo kwaJuda, uyakungqongqisa izinqaba eJerusalema.”


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayukuvuka; ilahliwe ezweni layo, akekho oyakuyivusa.”


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


“Ngakho-ke kuyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo: ukufa, ukulila, nendlala, futhi liyakushiswa ngomlilo lingqongqe, ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ