Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:20 - IsiZulu 2020

20 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “kuyakuphenywa ngecala lika-Israyeli, kodwa aliyukutholakala, nangezono zakwaJuda, kepha aziyukufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engiyakubashiya ukuba babe yinsali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli, akuyikubakho, nezono zakwaJuda, kepha aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibashiya ukuba babe yinsali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova, “kuyakufunwa ububi buka-Israyeli, kepha abuyikuba khona; nezono zikaJuda aziyikufunyanwa, ngokuba ngiyakubathethelela engibagcinayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:20
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, uzidedise kangako iziphambeko zethu.


Uyivivinyile inhliziyo yami, wangihambela ebusuku; uyangihlolisisa, kepha awufumani lutho; nginqumile ukuba ngingoni ngomlomo wami.


Uyihoxisile yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Insali iyobuya: insali kaJakobe, ibuyele kuNkulunkulu uSomandla.


Akukho sakhamuzi esiyothi: “Ngiyagula.” Abantu abahlala lapho bayothethelelwa iziphambeko zabo.


“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo afundise umakhelwane wakhe, noma umfowabo, athi: ‘Yazi uSimakade,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala,” kusho uSimakade, “ngokuba ngiyakubathethelela ububi babo, nesono sabo angisayukusikhumbula.”


“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni.


Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.


Akuyukuphunyuka namunye, akuyukusinda muntu ensalini yakwaJuda eye eGibhithe ukuyogogobala khona, ukuze ibuyele ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuze ihlale khona, ngokuba akuyukubuya muntu, kuphela ingcosana ephunyukile.”


“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” kusho uSimakade, “abakwa-Israyeli, nabakwaJuda bayakuza behamba kanyekanye, bayakuhamba bekhala, befuna uSimakade uNkulunkulu wabo.


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Akuyukukhunjulwa nasinye kuzo zonke iziphambeko zakhe azenzileyo, kodwa uyakuphila ngenxa yokulunga kwakhe akwenzileyo.


Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.


Kepha ngiyakushiya kuwe abantu abahluphekileyo nabampofu; bayakukhosela egameni likaSimakade.


Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha umbhalo kulo, bese ngisusa bonke ububi baleli lizwe ngalusuku lunye,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.


Ngakho-ke phendukani, niguquke ukuba zithethelelwe izono zenu,


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


Kepha uma kungokomusa, akusayi ngemisebenzi; ngokuba uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.


Isipho asinjengakho ukona kwamuntu munye, ngokuba uma ukwehlulela kwaba ngoyedwa, kube ngukulahlwa, isipho somusa sona saba ngeziphambeko eziningi, kube ngukulungisiswa.


futhi ninganikeli ngezitho zenu esonweni, ukuba zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo, abavukile kwabafileyo; nezitho zenu nizinikeleni kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,


Bonani ukuthi ukubekezela kweNkosi kuyinsindiso, njengalokhu nomzalwane wethu othandekayo uPawula anilobela ngokuhlakanipha ayekuphiwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ