Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:17 - IsiZulu 2020

17 “U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 U-Israyeli uyimvu ehlakazekile; amabhubesi amxosha; kuqala inkosi yase-Asiriya yamdla; ekugcineni uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waphula amathambo akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:17
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.


Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.


Emihleni yakhe kwenyuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe, ekhonze kuye iminyaka emithathu, wabuye wamhlubuka.


Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, zakhuphukela eJerusalema, zawuvimbezela umuzi.


Kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaZedekiya, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwayo, kwafika uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, eJerusalema nayo yonke impi yakhe. Bakanisa maqondana nalo; bakha khona udonga lokuvimbezela, nxazonke.


Kwafika uThiligathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, yamhlupha, ayizange imqinise.


USimakade wabehlisela abakhuzi bempi yenkosi yase-Asiriya. Zambamba uManase, zambopha ngamaketango nangozankosi, zamyisa eBhabhele.


Amanzi aseDimoni agcwele igazi; iDimoni ngisazolehlisela okukhulu, ingonyama ngiyibekele abayosinda bakwaMowabi, nabaseleyo ezweni.


Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.


Amabhongo ezingonyama alibhozomela, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhona iyincithakalo, akukho muntu owakhe kuyo.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.


“Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”


Siyakudla isivuno sakho nesinkwa sakho, sidle amadodana namadodakazi akho, sidle izimvu zakho nezinkomo zakho, sidle imivini yakho nemikhiwane yakho, sibhubhise ngenkemba imizi yakini ebiyelweyo enethembele kuyo.


Ngakho-ke ingonyama yehlathi izobahlasela, impisi yasehlane ibabhubhise, ingwe icuthele imizi yabo; bonke abaphuma kuyo ibadweshule, ngokuba iziphambeko zabo ziningi, nokuhlubuka kwabo kukhulu.


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Khona abantu babhonga kanyekanye njengezingonyama, babhodle njengamabhongo ezingonyama.


UZedekiya waqala ukubusa eneminyaka engama-21, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.


Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.


Inkosi yayaleza, alethwa lawo madoda ayemangalele uDaniyeli, aphonswa emphandwini wezingonyama, wona, abantwana bawo, nomkawo; izingonyama zabathelekela, zaqhobozela amathambo abo bengakafinyeleli naphansi emphandwini.


ngiyakuqoqa zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafathi, ngizehlulele lapho ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli, ezimhlakazele ezizweni, zabelana ngezwe lami.


ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ